Usinde edutshulwa USotswebhu nosihlalo weMPAC

Spread the love

Nqubeko FM News

USotswebhu womkhandlu wase Alfred Duma uCllr Sabelo Sithole

Usinde ngokulambisa izolo USotswebhu womkhandlu wase Alfred Duma Local Municipality uCllr Sabelo Sithole eMhlumayo eFitty Park, uSithole ubehamba nosihlalo weMPAC uCllr Sudabby ngesikhathi abantu abangaziwa bedubula bebhekise emotweni akade behamba ngayo.

Echaza ngesikhathi ekhuluma nentatheli yomsakazo iNqubeko FM, uthi yena nosihlalo weMPAC uCllr Sudabby bebehambele umcimbi wokunikezelwa kwezindlu ezintsha eFitty Park, lapho lomcimbi ubuhanjelwe nanguMeya kaMasipala i-Alfred Duma uCllr Zama Sibisi, ikhansela lendawo uCllr Majola kanye namanye amakhansela, endleleni yabo ebuyayo noSudabby njengoba besheshe babuya umcimbi ungakapheli, uthi uma befika ngakwaSathane babe sebeqaphela imoto yohlobo lweCorolla ebimi eceleni komgwaqo kodwa abanganaka, kanti bazothi sebedlula kulemoto babe sebezwa ukuqhuma kwezibhamu kanti sebeyadutshulwa abantu abangabazi abekade bekulemoto yohlobo lweToyota Corolla. Kulesigameko akekho olimalile, uSithole uthi babe sebedlulela esteshini samaphoyisa eMnambithi ukuvula icala.

uSithole uthi akayazi imbangela yalokhu kodwa emasontweni amabili edlule, onogada bakhe baphucwe izibhamu zabo ngamaphoyisa kwathiwa ziyohlolwa, kuze kube imanje azakabuyiswa, wasala engenabo onogada, kanti uthi emva kwalokho wake wathola nocingo elimsabisayo kumuntu angamazi.

Related Posts

Konke sekumi ngomumo ngama SALGA GAMES eNewcastle

Spread the love

Spread the love      Nqubeko FM News Athulwe ngokusemthethweni ama SALGA GAMES namuhla emaJuba District Municipality, lomcimbi ubanjelwe eNewcastle eTheku Plaza. Ngemuva kweminyaka emithathu lemidlalo yamiswa ngenxa ye Covid…

konke kumi ngomumo ngama SALGA GAMES eNewcastle

Spread the love

Spread the love      Nqubeko FM News Athulwe ngokusemthethweni ama SALGA GAMES namuhla emaJuba District Municipality, lomcimbi ubanjelwe eNewcastle eTheku Plaza. Ngemuva kweminyaka emithathu lemidlalo yamiswa ngenxa ye Covid…

Umndeni ukhala ngekhansela elakweleta iNkomo nesiKlabhu liyobonga amavoti

Spread the love

Spread the love      Nqubeko FM News Ukhala uyazethulisa umndeni wakwa Hlongwane Zaaifontein kulandela ukuqolwa kwawo inkomo nesiKlabhu ikhansela le NFP Bonisiwe Biyela. Lomndeni ubikele abezindaba zeNqubeko FM ukhala…

uMaspala uhlole ukuqhubeka kohlelo lwezindlu zangasese eElling Road

Spread the love

Spread the love      nqubeko FM News By Ntuthuko Majola UMayor womasipala i-Afred Duma uCllr Zama Sibisi Kanye nethimba lakhe lonke osukwini lwayizolo bahambe beyohlola inqubekela phambili ezindaweni ezahlukene…

Sizofaka isicelo sebheyili isikhulu esisolwa ngokunukubeza ngocansi umsebenzi eAlfred Duma Local Municipality

Spread the love

Spread the love      Nqubeko FM News Amaphoyisa ophiko lwe Family voilence, child protection and sexual abuse unit, aphenya icala lokunukubeza ngokocansi okusolwa khona isikhulu sikamaspala wase Alfred Duma….

kuvaleliswe izaguga zasoThukela eziyodlala eThekwini

Spread the love

Spread the love      Nqubeko FM News UMasipala uThukela namuhla luvalelise abadala njengoba bethathe uhambo oluya eThekwini beyoba yingxenye yemidlalo yabadala eyaziwa ngeGolden Games. lemidlalo eke yathatha ikhefu iminyaka…

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *