
By Nqubeko FM
Izolo ngezikhathi zokugamanxa kwehora les-5 amadoda angaziwa agasele istolo seseMtshezi maphakathi nedolobha abamba inkunzi lapho athathe khona omakhalekhukhwini kanye nemali, babe sebebaleka ngemoto. ngokwestatimende samaphoyisa athi kube esebikelwa ngalo udaba, wona abe esebikela ezinye iziteshi zamaphoyisa ngemuva kokuba kuzwakele ukuthi abasolwa sebebaleke ngemoto babheka ngaseThekwini.
Istatimende samaphoyisa akwaZulu Natal athi amaphoyisa asePheonix eThekwini ngehora les-7 ebsuku abe eseqaphela imoto esolisayo emgwaqeni uM13, abe eseyijaha emva kwalokho kube sekudutshulwana nabasolwa, abasolwa ababili basale enkundleni oyedwa usagcwele amathafa.
endaweni yesigameko kutholakale isibhamu sohlobo lwe 9mm nezinhlamvu ezingu-14, kanye nempahla eyebiwe eMtshezi okubalwa kuyo omakhalekhukhwini, kanti isibhamu emva kophenyo kutholakale ukuthi satshotshwa ngesikhathi kubanjwa inkunzi Kwamashu
Amaphoyisa athi kuvulwe icala lokutholakala nempahla eyebiwe, ukuzama ukubulala, nokutholakala nesibhamu nezinhlamvu okungekho emthathweni.