
By Mpho Ndaba
Umphakathi wase Ntabamhlophe endaweni yase Escourt uvale umgwaqo ubhikishela ukungabikhona kwamanzi kulendawo yase Ntabamhlophe.
Lama lunga alomphakathi akhala ngokuthi sebekhathele ukukhalaza ngendaba yamanzi kepha kungabi nashintsho kulesimo sokoma kwempompi zakulendawo, ngakho banqume ukugcwala umgwaqo ukuze bazwakalise ikhalazo zabo futhi sekuphele iminyaka emihlanu behluswa amanzi.
Baphinde bathi uma bebika loludaba oThukela ,uThukela luyeza ukuzolungisa inkinga kepha amanzi avele aphume usuku olulodwa empompini bese luqala phansi usizi lwabo.
Kanti lomphakathi uphinde waveza ukuthi namakhansela akulendawo asezamile ukubasiza kepha kuyabonakala ukuthi loludaba lungaphezu kwabo ngakho balinde iphathimandla zomkhandlu wasOthukela bazoxoxisana nabo njengo mphakathi ukuze bavule umgwaqo kulendawo nezingane zikwazi ukuqhubeka zikwazi ukuqhubeka nokufunda. Imizamo yokuthola ikhansela lendawo yehlulekile