By Nqubeko FM News

Umndeni kasekela Ngqongqoshe wezokuthutha kuleli uNkk Sindisiwe Chikunga uhambisana noMnyango wezokuthutha oholwa uMnuz Fikile Mbalula uhambele indawo yesigameko kuN11 ngaphandle kancane kwaseMnambithi lapho kwehle khona ingozi yemoto ngesonto esibuya kulo kwadlula emhlabeni amalunga omndeni owodwa wakwa Chikunga okungundodana kasekela Ngqongqoshe wezokuthutha, uNkosikazi wakhe kanye nezingane zabo ezine.
uNgqongqoshe uMbalula uthi kungenzeka ukuthi lengozi iwumphumela wephutha lomuntu wathi kuzophenywa imbangela yayo.