
By Sbusiso Zondo
Usomlomo waso oThukela District Municipality Cllr Lihle Nqubuka uCllr SV Shabalala, u Cllr Hlongwane Othukela district municipality namhlanje bavakashele umphakathi waseZwelisha eward 9 ovelelwe inhlekele lapho kuminze khona abesilisa ababili emfuleni iWoodstock Dam, abaminze ngolwesihlanu olwendlule kuze kube imanje lutho ukutholakala.
Usizi emndenini wakwa Mbhele nowakwa Ndlanzi, njengoba bengasabuthi quthu ubuthongo sebeze balala eduze nomfula indlela nje okunzima ngakhona, izangoma, abathandazi Kanye nomphakathi bathe njo ngase Woodstock Dam.
Ubuholi basoThukela District Municipality bufike buphethe umdokwe njengoba nenkemane ithe bhe, ingubo zokulala kanjalo nendlu yangasese.
Okuhlalukayo intsha seyize ithathe igubhu izakhele izikejana ukuthi izame ukungena bebheke nabo.
USomlomo wasoThukela District Municipality uCllr Nqubuka unxusa umphakathi wase Bergville ukuthi ungabe usasondela kakhulu maduze naleli dam baphinde futhi banxusa ukuxhaswa ngenhlambi.