
By Innocent Sithole
Sekungenelwe osukwini lwesikhombisa ukuthungathwa kwabantu ababili besilisa abaminze edamini lase Bergville i-Woodstock Dam ngesonto eledlule ngolwesihlanu. kusolwa ukuthi laba bobabili babekade bedoba kulelidamu besebenzisa iSkebhe esabonakala sesitata sodwa emanzini sibonwa isakhamuzi esiseduze nalo idama, nesabe sesihlaba umkhosi kwabizwa iNhlambi zakamaspala uKhahlamba kanye nezivela eMgungundlovu.
uKhansela wendawo uSanele Butheleze uthi nanamuhla kanye namalunga emndeni nomphakathi bavukele khona kulelidamu, nokho uButhelezi uthi abanelisekile indlela izinhlambi eziqhuba ngayo umsebenzi wazo, wanxusa uhulumeni ukuthi akalekelele kwandiswe nezinhlambi.
”Lelidamu selokhu labakhona linezigigaba, kuke kwakhona umfana wakwaShabalala omenzayo kulo lelidamu, kwaba nezingane ezimbili ezifunda eBambanani eziminzayo kulo lelidamu, isigameko esikhulu kunazo zonkle esagcwala umhlaba wonke ilapho kwacwila khona ibhanoyi lamasosha, idamu nje elisikhathazayo leli elingasisizi ngalutho thina bantu abakhile ngoba namanzi asinawo kodwa amanzi akhona abulala abantu” kuqhuba uButhelezi
uMnuz uNdlanzi oyilunga lomndeni womunye ominzile uthe laba abaminzile ukudoba bekuyinto yabo akade beziphilisa ngayo, uqhube wathi abakufuna kakhulu ukuthi kutholakale izidumbu okunye kuzolandela ngemuva. kanti ugogo womunye walaba abaminzile uthi abanelisekile indlela abatshuzi abenza ngayo njengalokhu sekuphele iskhathi eside kusukela ngolwesihlanu futhi bakhala ngokuthi abanazo izinsiza ezanele zokwenza umsebenzi wazo.