
Nqubeko Fm News
Inkatha Freedom Part (IFP) ikhiphe istatimende iphawula ngezinsolo ezibhekiswe kusekela Meya wase Inkosi Langalibalele Local Municipality zokuba yingxenye yabasolwa ababambe inkunzi imoto yemali emgwaqeni uR103 ngaphandle kwasedolobheni eMtshezi ngesonto eledlule. estatimendeni esikhishwe iqembu, ngokolwazi olusafikile ngaphambi kwalo luthi, lezinsolo azinasisekelo futhi azinaqiniso njengoba amaphoyisa ophiko lwama Hawks ekubeke kwacaca ukuthi akukabi khona akutholile okuxhumanisa usekela Meya wase Inkosi Langalibalele Local Municipality uCllr Sthabiso Dlala necala lokubanjwa inkunzi kwemoto yemali, noma kunjalo uSekela Meya uzoya emaphoyiseni namuhla.
Ekhuluma emsakazweni iNqubeko FM uMnuz Thami Ntuli ongusihlalo weIFP esifundazweni uthe uma kungase kube khona ubufakazi obugcina buhlanganisa usekela Meya nalelicala iqembu liyothatha izinyathelo ezifanele kanti uma kungase kugcina engatholwanga ebandakanyeka kulelicala, bayomyalela ukuthi naye kube nezinyathelo zomthetho akazithathayo ngokusolwa ngalo icala.