Isiphakamise ngokusemthethweni isicoco i-FC Drakensberg

Spread the love

By Thabani Sipho Chonco

Kube yinjabulo yodwa kwi FC Drakensberg inqoba isicoco seWise Group Men’s Regional League ngaphansi kwe-UThukela Football Association. I-Drakensburg inqobe isicoco salesigaba ngamaphuzu angu 60 ngemuva kokuthi iguqise i-Escourt Heroes e-Kandahar ngesonto nalapho inqobe ngo 3-0.

iDrakensburg ikhale yemuka nesheke lika R25 000, inkomishi Kanye nezindondo zeGolide. Ngenyanga ezayo leliqembu lizolibangisa eMkhanyakude eMtubatuba liyomela lesigaba nalapho lizobe libanga namanye amaqembu aphuma kwezinye izifunda ezahlukahlukene kubangwa izindawo ezimbili kwi ABC Motsepe League kwaZulu Natal. Umqeqeshi we Escourt Heroes uBhamuza ube esebongela ezikaSdonono ngokunqoba isicoco waphinde wayifisela inhlanhla.

ISIYONKE IMIPHUMELA YO-THUKELA FOOTBALL ASSOCIATION

FC Drakensberg 3-0 Escourt Heroes

Natal Witness 0-1 Tsamen academy

Barcelona 1-4 Lacoster

Watersmeet 3-2 Batloha FC

Vultures 2-0 SS Masters

IMIPHUMELA ye-Indaka Youth Club under 15

Happy Young Boys 0-2 IYC

PSG 1-0 SS UB

SSU A 1-0 Limehill Junior

All Blacks 4-0 Young killers

Related Posts

Izosongwa ngegiya eliphezulu imidlalo ye Wise Group Mens Regional League kulempelasonto

Spread the love

Spread the love      By Thabani Sipho Chonco lena impela sonto enkulu ebholeni lezinyawo esigabeni i-Wise Group Mens Regional League ngaphansi koThukela Football Association njengoba kuzobe kuchonywa uphaphe legwalagwala…

Iphucwe iqatha emlonyeni iNatal Witness

Spread the love

Spread the love      By Thabani Sipho Chonco Ukhala engashayiwe umqeqeshi weNatal Witness uWandile Nkala ohola leliqembu eliyibamba kwi Wise group men’s Regional League ngaphansi kwe-UThukela Football Association, ezakhe…

Zizobe zibulalana ebholeni lezinyawo kulempelasonto eMnambithi

Spread the love

Spread the love      By Thabani Sipho Chonco Zizobe zibondiwe edolobheni laseMnambithi ezinkundleni ezahlukene nokuyi AG Magubane Stadium kanye neKandahar Stadium. e-AG Magubane Stadium kuzobe kunemidlalo emithathu kanti eKandahar…

Uthembisa lukhulu umgijimi waseMnambithi emva kokunqoba u21KM ngesonto

Spread the love

Spread the love       UMgijimi waseMnambithi ePhayekeni uZinhle Shabalala uthi usebheke ukugijima kwiDurban International Marathon ngomhlaka 8 May. Ukusho lokhu ngemuva kokugila izimanga egijama eshiya abanye besifazane emjahweni…

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *