Izosongwa ngegiya eliphezulu imidlalo ye Wise Group Mens Regional League kulempelasonto

Spread the love

By Thabani Sipho Chonco

lena impela sonto enkulu ebholeni lezinyawo esigabeni i-Wise Group Mens Regional League ngaphansi koThukela Football Association njengoba kuzobe kuchonywa uphaphe legwalagwala ompetha balesigaba okuyi FC Drakensburg. ngesonto ngehora lesithathu i-FC Drakensburg engompetha izokwamukela i-Escourt Heroes eKandahar nokuyilapho izobe isihlonzwa njengompetha ngemuva kokunqoba lesisigaba kusasele imidlalo emithathu kusongwe i-season.

esikhathini esingengakanani ezika Sdonono zizobhekisa amabombo eMkhanyakude eMtubatuba nokuyilapho zizobe zizwana amandla namanye amaqembu aphuma ezifundeni ezahlukene kwaZulu Natal kuma Play-offs okuzibekisela indawo ku ABC Motsepe league. i-FC Drakensburg iya kulomdlalo wangesonto neHeroes nje, izihola phambili ngamaphuzu angu 57 ngemuva kwemidlalo engu 23, endaweni yesibili kuhleli iNatal Witness.

ISIYONKE IMIDLALO YANGALEMPELASONTO IMI KANJE:

Vultures FC 11:00 SS Masters-Kandahar

Lacoster FC 10:00 Barcelona-Escourt Secondary

Watersmeet United 15:00 Bathloha FC AG Magubane

FC Drakensburg 15:00 Escourt Heroes kandahar

Natal Witness 15:00 Tsamen Acadeny Kwavimba

Related Posts

Isiphakamise ngokusemthethweni isicoco i-FC Drakensberg

Spread the love

Spread the love      By Thabani Sipho Chonco Kube yinjabulo yodwa kwi FC Drakensberg inqoba isicoco seWise Group Men’s Regional League ngaphansi kwe-UThukela Football Association. I-Drakensburg inqobe isicoco salesigaba…

Iphucwe iqatha emlonyeni iNatal Witness

Spread the love

Spread the love      By Thabani Sipho Chonco Ukhala engashayiwe umqeqeshi weNatal Witness uWandile Nkala ohola leliqembu eliyibamba kwi Wise group men’s Regional League ngaphansi kwe-UThukela Football Association, ezakhe…

Zizobe zibulalana ebholeni lezinyawo kulempelasonto eMnambithi

Spread the love

Spread the love      By Thabani Sipho Chonco Zizobe zibondiwe edolobheni laseMnambithi ezinkundleni ezahlukene nokuyi AG Magubane Stadium kanye neKandahar Stadium. e-AG Magubane Stadium kuzobe kunemidlalo emithathu kanti eKandahar…

Uthembisa lukhulu umgijimi waseMnambithi emva kokunqoba u21KM ngesonto

Spread the love

Spread the love       UMgijimi waseMnambithi ePhayekeni uZinhle Shabalala uthi usebheke ukugijima kwiDurban International Marathon ngomhlaka 8 May. Ukusho lokhu ngemuva kokugila izimanga egijama eshiya abanye besifazane emjahweni…

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *