Iphucwe iqatha emlonyeni iNatal Witness

Spread the love

By Thabani Sipho Chonco

Ukhala engashayiwe umqeqeshi weNatal Witness uWandile Nkala ohola leliqembu eliyibamba kwi Wise group men’s Regional League ngaphansi kwe-UThukela Football Association, ezakhe eziphucwe iqatha emlonyeni yi-FC Drakensberg eseyingompetha balesigaba. IWitness iyona ebizihola phezuli esicongweni seLog iskhathi eside,kepha seziyoshaya intambo kubonakale sekukhumuka amasondo kuleliqembu laseMatiwane. Nokho uNkala ube esethembisa abalandeli beqembu ukuthi ezakhe ngeke neze zidikibale kepha nge season ezayo abafana bakhe bazobuya ngamandla futhi kulemidlalo emibili esele bazozama ngayo yonke indlela ukuyinqoba ukuze bagcine indawo yabo okuyisibili. Khonamanjalo bazozama ukuyiphetha ngegiya eliphezulu imidlalo ngokuthi benqobe iTop 8 nehambisana nesheke likaR10 Thousands, unombolo 2 yena ahambe noR5 Thousands bese kuthi uNombolo 3&4 bona bethole imithoba nhliziyo kaR2500 iqembu ngalinye

Related Posts

Isiphakamise ngokusemthethweni isicoco i-FC Drakensberg

Spread the love

Spread the love      By Thabani Sipho Chonco Kube yinjabulo yodwa kwi FC Drakensberg inqoba isicoco seWise Group Men’s Regional League ngaphansi kwe-UThukela Football Association. I-Drakensburg inqobe isicoco salesigaba…

Izosongwa ngegiya eliphezulu imidlalo ye Wise Group Mens Regional League kulempelasonto

Spread the love

Spread the love      By Thabani Sipho Chonco lena impela sonto enkulu ebholeni lezinyawo esigabeni i-Wise Group Mens Regional League ngaphansi koThukela Football Association njengoba kuzobe kuchonywa uphaphe legwalagwala…

Zizobe zibulalana ebholeni lezinyawo kulempelasonto eMnambithi

Spread the love

Spread the love      By Thabani Sipho Chonco Zizobe zibondiwe edolobheni laseMnambithi ezinkundleni ezahlukene nokuyi AG Magubane Stadium kanye neKandahar Stadium. e-AG Magubane Stadium kuzobe kunemidlalo emithathu kanti eKandahar…

Uthembisa lukhulu umgijimi waseMnambithi emva kokunqoba u21KM ngesonto

Spread the love

Spread the love       UMgijimi waseMnambithi ePhayekeni uZinhle Shabalala uthi usebheke ukugijima kwiDurban International Marathon ngomhlaka 8 May. Ukusho lokhu ngemuva kokugila izimanga egijama eshiya abanye besifazane emjahweni…

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *