(Lalela)Abahlomula isibonelelo sikaR350 kuphoqa ukuthi baphinde basibhalisele futhi

Spread the love

By Ntuthuko Majola

Ukuphela kwesikhathi senhlekelele kuleli okwamenyezelwa umengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa ikona okudale ukuthi kunqamuke isibonelelo sabangasebenzi esinguR350.

Phambilini kulenyanga uRamaphosa wamemezela ukuphela kwesikhathi senhlekelele yeCovid 19 ngenxa yokwehla kwezinombolo zabahaqwa ilo igciwane, kuzokhumbuleka ukuthi lesibonelelo safakwa ngenhloso yokulekelela umphakathi okhahlanyezwe iCovid 19, ngokukaSandy Godlwana okhulumela iskhungo esibhekelele izibonelelo zikahulumeni kuleli uSassa, uthi oR350 bafakwa ngaphansi komthetho wenhlekelele yezwe ngenxa yeCovid 19, ngaleyondlela uma lomthetho usuqediwe kusho ukuphela kwalesibonelelo kodwa kumanje kusabhekwa umthetho omusha lesibonelelo esizofakwa ngaphansi kwawo, wabe esethi lokhu kuchaza ukuthi akade besithola lesibonelelo kufanele beqale phansi benze izicelo ezitsha, kubalwa nalabo abekade bengasitholi kodwa abasifunayo nabo sebethole ithuba lokufaka izicelo. uGodlwana uphinde wanxusa abafaka izicelo ukuthi benze isiqiniseko sokuthi iminingwane yaseBhange iphelele yini.

Kuzokhumbuleka ukuthi uMengameli ethula inkuluma yesimo sezwe waqinisekisa umphakathi kuleli ukuthi lesibonelelo sizoqhubeka sikhokhwe kuze kube uMashi 2023 noma ngabe imithetho yenhlekelele isiphelile. Izindlela zokufaka isicelo, ukuya ku website ethi srd.sassa.gov.za noma inombolo kaWhatsapp ethi 0820468553 onenkinga nanoma ngani ethinta uSassa engashayela ku 0800601011.

Related Posts

konke kumi ngomumo ngama SALGA GAMES eNewcastle

Spread the love

Spread the love      Nqubeko FM News Athulwe ngokusemthethweni ama SALGA GAMES namuhla emaJuba District Municipality, lomcimbi ubanjelwe eNewcastle eTheku Plaza. Ngemuva kweminyaka emithathu lemidlalo yamiswa ngenxa ye Covid…

Ungenele umbhikisho umphakathi waseNtabamhlophe

Spread the love

Spread the love      By Mpho Ndaba Umphakathi wase Ntabamhlophe endaweni yase Escourt uvale umgwaqo ubhikishela ukungabikhona kwamanzi kulendawo yase Ntabamhlophe. Lama lunga alomphakathi akhala ngokuthi sebekhathele ukukhalaza ngendaba…

Ithule inkulumo ebibhekiswe esizweni okokuqala iNkosi yabeNtungwa Kholwa

Spread the love

Spread the love      By Innocent Sithole Inkosi Khumala izolo bekungokokuqala ethula inkulumo ayibhekise esizweni sayo solokhu yabekwe ngokusemthetheni ungqongqoshe womnyango wezokubusa ngokubambisano nobuholi bomdabu KwaZulu Natal uMnuz. Sipho…

BATHOLAKALE SEBESHONILE ABAMINZA EWOODSTOCK DAM

Spread the love

Spread the love      Nqubeko FM News UKhansela Sanele Buthelezi waseWard 9 eBergville ubonge umphakathi emva kokutholakala kwezinsizwa ezimbili ezaminza edamini. UKhansela Buthelezi uthi laba batholakale sebentanta emanzini namuhla…

ABAHOLI BAHAMBELE UMPHAKATHI OSUNQUME UKUHLALA NGAPHANDLE KWE-WOODSTOCK DAM

Spread the love

Spread the love      By Sbusiso Zondo Usomlomo waso oThukela District Municipality Cllr Lihle Nqubuka uCllr SV Shabalala, u Cllr Hlongwane Othukela district municipality namhlanje bavakashele umphakathi waseZwelisha eward…

I-IFP ithi azinasisekelo izinsolo ezibhekiswe kusekela Meya wase Inkosi Langalibalele Municipality

Spread the love

Spread the love      Nqubeko Fm News Inkatha Freedom Part (IFP) ikhiphe istatimende iphawula ngezinsolo ezibhekiswe kusekela Meya wase Inkosi Langalibalele Local Municipality zokuba yingxenye yabasolwa ababambe inkunzi imoto…

This Post Has One Comment

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *