Zizobe zibulalana ebholeni lezinyawo kulempelasonto eMnambithi

Spread the love

By Thabani Sipho Chonco

Zizobe zibondiwe edolobheni laseMnambithi ezinkundleni ezahlukene nokuyi AG Magubane Stadium kanye neKandahar Stadium. e-AG Magubane Stadium kuzobe kunemidlalo emithathu kanti eKandahar izobe imibili. e-AG Magubane imidlalo izoqala ngehora le-11:00 ekuseni ize isongwe ngehora lesi-5:00 ntambama ekubeni eKandahar khona izoqala ngehora le-13:00 emini ize isongwe ngehora lesi-5:00. lemidlalo emihlanu izobe igijinywa ngaphansi kwe Wise group men’s Regional League ngaphansi kwe-UThukela Football Association. Umdlalo obhekiwe uphakathi kwe Real Magic ne FC Drakensberg ngo11:00 ekuseni nalapho iDrakensburg izobe ibhekwe ukuthi yenyukele endaweni yokuqala igudluze iNatal Witness yona eqhwakele ngamaphuzu angu47 elandelwa yiyo iDrakensburg ngo45. Kanti eKandahar khona Umdlalo obhekiwe uphakathi kwe Barcelona ne Escourt Heroes, iHeroes ifuna ukuzibekisela indawo kwi Top 8 njengoba imidlalo yalesisigaba seyiya ngasemaphethelweni njengoba ihleli kunombolo 9.

Imidlalo isiyonke imi kanje

Real Magic VS FC Drakensberg 11:00 AG Magubane

Tsamen Academy VS Batloha FC 13:00 AG Magubane

Ispanela VS Vultures FC 13:00 Kandahar

Barcelona VS Escourt Heroes 15:00 AG Magubane

Related Posts

konke kumi ngomumo ngama SALGA GAMES eNewcastle

Spread the love

Spread the love      Nqubeko FM News Athulwe ngokusemthethweni ama SALGA GAMES namuhla emaJuba District Municipality, lomcimbi ubanjelwe eNewcastle eTheku Plaza. Ngemuva kweminyaka emithathu lemidlalo yamiswa ngenxa ye Covid…

Ungenele umbhikisho umphakathi waseNtabamhlophe

Spread the love

Spread the love      By Mpho Ndaba Umphakathi wase Ntabamhlophe endaweni yase Escourt uvale umgwaqo ubhikishela ukungabikhona kwamanzi kulendawo yase Ntabamhlophe. Lama lunga alomphakathi akhala ngokuthi sebekhathele ukukhalaza ngendaba…

Ithule inkulumo ebibhekiswe esizweni okokuqala iNkosi yabeNtungwa Kholwa

Spread the love

Spread the love      By Innocent Sithole Inkosi Khumala izolo bekungokokuqala ethula inkulumo ayibhekise esizweni sayo solokhu yabekwe ngokusemthetheni ungqongqoshe womnyango wezokubusa ngokubambisano nobuholi bomdabu KwaZulu Natal uMnuz. Sipho…

BATHOLAKALE SEBESHONILE ABAMINZA EWOODSTOCK DAM

Spread the love

Spread the love      Nqubeko FM News UKhansela Sanele Buthelezi waseWard 9 eBergville ubonge umphakathi emva kokutholakala kwezinsizwa ezimbili ezaminza edamini. UKhansela Buthelezi uthi laba batholakale sebentanta emanzini namuhla…

ABAHOLI BAHAMBELE UMPHAKATHI OSUNQUME UKUHLALA NGAPHANDLE KWE-WOODSTOCK DAM

Spread the love

Spread the love      By Sbusiso Zondo Usomlomo waso oThukela District Municipality Cllr Lihle Nqubuka uCllr SV Shabalala, u Cllr Hlongwane Othukela district municipality namhlanje bavakashele umphakathi waseZwelisha eward…

I-IFP ithi azinasisekelo izinsolo ezibhekiswe kusekela Meya wase Inkosi Langalibalele Municipality

Spread the love

Spread the love      Nqubeko Fm News Inkatha Freedom Part (IFP) ikhiphe istatimende iphawula ngezinsolo ezibhekiswe kusekela Meya wase Inkosi Langalibalele Local Municipality zokuba yingxenye yabasolwa ababambe inkunzi imoto…

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *