Umbutho wezempi eNingizimu Africa uzofaka isandla kwelezikhukhula KwaZulu-natal

Spread the love

Umbutho wezempi kuleli(SANDF) usumemezele ukuthi uzofaka isandla ekusizeni ukutakula umphakathi wasesifundazweni iKwaZulu-Natal okhahlanyezwe yizikhukhula ngeviki eledlule. lombutho, ngaphansi komkhankaso obizwa nge-Operation Chariot utshele abezindaba namuhla ngoMsombuluko ukuthi uzothumela usizo lwamasotsha komaspala abehlukene abakhahlanyezwe yilezi zikhukhukhula ezidlule nabantu abangaphezu kwamakhulu amane zaphinda zadala umonakalo ongaphezu kuka 10 billion wamaRandi.

Lamasotsha kulindeleke ukuthi asize umphakathi ngokuvikela, ukukhuculula, ukucinga labo abasadukile, ukuhanjiswa kwezinsiza ezifana nokudla kulabo abakhahlamezekile kanye nosizo lwezempilo.

Ngaphezu kwakho konke loku, lombutho uthi uzophinde usize ngokuhlinzeka ngamanzi emphakathini emva kokuvela kwezindaba zokuthi kukhona imiphakathi engenawo amanzi ngenxa yokuphazamiseka kwamapayipi aletha amanzi.

Omaspala abakhahlamezeke kakhulu kulezi zikhukhula kubalwa uMaspala weTheku, Ugu, iKing Cetshwayo nabanye omaspala. Kuthiwa bangaphezu kwezinkulungwane ezingamashumi amathathu abantu abasale dengwane ngesikhathi imizi eminingi ibhidlika. Izimvula zisaqhubeka ezinxenyeni eziningi kulesi sifundazwe nosekufake ingebhe kwezinye izakhamuzi. Kulindeleke nokuthi sande isibalo sabantu abashonile ngoba uhlelo lokubheka abadukile lusaqhubeka.

Related Posts

konke kumi ngomumo ngama SALGA GAMES eNewcastle

Spread the love

Spread the love      Nqubeko FM News Athulwe ngokusemthethweni ama SALGA GAMES namuhla emaJuba District Municipality, lomcimbi ubanjelwe eNewcastle eTheku Plaza. Ngemuva kweminyaka emithathu lemidlalo yamiswa ngenxa ye Covid…

Ungenele umbhikisho umphakathi waseNtabamhlophe

Spread the love

Spread the love      By Mpho Ndaba Umphakathi wase Ntabamhlophe endaweni yase Escourt uvale umgwaqo ubhikishela ukungabikhona kwamanzi kulendawo yase Ntabamhlophe. Lama lunga alomphakathi akhala ngokuthi sebekhathele ukukhalaza ngendaba…

Ithule inkulumo ebibhekiswe esizweni okokuqala iNkosi yabeNtungwa Kholwa

Spread the love

Spread the love      By Innocent Sithole Inkosi Khumala izolo bekungokokuqala ethula inkulumo ayibhekise esizweni sayo solokhu yabekwe ngokusemthetheni ungqongqoshe womnyango wezokubusa ngokubambisano nobuholi bomdabu KwaZulu Natal uMnuz. Sipho…

BATHOLAKALE SEBESHONILE ABAMINZA EWOODSTOCK DAM

Spread the love

Spread the love      Nqubeko FM News UKhansela Sanele Buthelezi waseWard 9 eBergville ubonge umphakathi emva kokutholakala kwezinsizwa ezimbili ezaminza edamini. UKhansela Buthelezi uthi laba batholakale sebentanta emanzini namuhla…

ABAHOLI BAHAMBELE UMPHAKATHI OSUNQUME UKUHLALA NGAPHANDLE KWE-WOODSTOCK DAM

Spread the love

Spread the love      By Sbusiso Zondo Usomlomo waso oThukela District Municipality Cllr Lihle Nqubuka uCllr SV Shabalala, u Cllr Hlongwane Othukela district municipality namhlanje bavakashele umphakathi waseZwelisha eward…

I-IFP ithi azinasisekelo izinsolo ezibhekiswe kusekela Meya wase Inkosi Langalibalele Municipality

Spread the love

Spread the love      Nqubeko Fm News Inkatha Freedom Part (IFP) ikhiphe istatimende iphawula ngezinsolo ezibhekiswe kusekela Meya wase Inkosi Langalibalele Local Municipality zokuba yingxenye yabasolwa ababambe inkunzi imoto…

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *